
Sign up to save your library
With an OverDrive account, you can save your favorite libraries for at-a-glance information about availability. Find out more about OverDrive accounts.
Find this title in Libby, the library reading app by OverDrive.

Search for a digital library with this title
Title found at these libraries:
Library Name | Distance |
---|---|
Loading... |
Lezi nkondlo zami, noma wena usathi zisho okulula, qaphela. iziwula eziyezithi zidla amakhasi, kanti izazi zempela zihluba zizezifike kwanobunofonofo kwanobunoshonosho, kwanokudla - kwanoluju. Ke mhlobo wami, zenzele umphako wakho; uthi udla ube uthi: "Umkhusu uphakathi, ngiyowufumana sengihluzile." Siyabezwela labo abathi izinkondlo zama-Afrika sezifike ekugcineni abathi ngabe zikhonza kwezasesilungwini. Thina sithi: hamba juba! Eyethu inkondlo awukakayiboni, usazobona inkelenkele! Nansi-ke ekaBuyeduze yena ubuya nje uzungeza ngoba enezinyawo ezimakhulukhulu ngoba azi ubuhlakani bama-Afrika bunjengezimpande zemithombe ezinkalankala. Bona bungamili ndawonye budla ngapha budle nalaphaya ngoba i-Afrika ingeyethu, ingeyakithi. I-Afrika yinda...la i-Afrika ibenjalo izala. Kusho mina Mazisi kaMdabuli w'Ekunene ngithi kawuka boni lutho. Yishi! yelele!